Okufinqiwe:
Siyi-TELUS Health (Canada) Ltd. (“ TELUS Health ”), inkampani enkulu ehlelwe ngaphansi kwemithetho yase-Ontario, e-Canada. I-TELUS Health (Canada) Ltd. ingumnikazi webhizinisi i-TELUS Health futhi iqhuba leli bhizinisi ngezinkampani ezingaphansi kwayo emazweni ahlukahlukene okuhlanganisa, ngaphandle komkhawulo, i-Canada, i-United States, i-United Kingdom ne-Australia. Ngezinhloso zemithetho elawula ukuvikelwa kweminingwane, i-TELUS Health iyinkampani ephethwe ngokugcwele yi-TELUS Health Inc. futhi ikheli lethu lebhizinisi eliyinhloko lithi 25 York Street, Floor 29, Toronto, Ontario M5J 2V5, Canada. I-TELUS Health Inc. yiyo ephatha futhi ilawule iminingwane yakho.
Uma usebenzisa i-App yakwa-TELUS Health One e-UK noma e-EU, imininingwane yakho iphathwa futhi ilawulwe yi-TELUS Health (U.K.) Ltd., inkampani ezimele enemikhawulo ehlelwe ngaphansi komthetho wase-Ngilandi nase-Wales (Reg. No. 8223675) etholakala ku-90 High Holborn, Holborn, London, WC1V 6LJ UK.
Le Nqubomgomo Yobumfihlo ichaza ngokuqoqwa, ukusetshenziswa nokudalulwa kweminingwane yabantu kanye nezimo lapho sizocubungula khona noma yimiphi imininingwane yakho esiyiqoqa kuwe, noma osinika yona. Sicela ufunde le Nqubomgomo Yobumfihlo ngokucophelela ukuze uqonde izindlela esisebenzisa, sabelane futhi sivikele ngazo imininingwane yakho.
Ukuphathwa kweminingwane yabantu kusemqoka kwizinsizakalo ze-TELUS Health futhi sizinikele ekuvikeleni ubumfihlo bakho.
I-TELUS Health iqoqa futhi isebenzise imininingwane yabantu ukuze ikwazi ukuthi ungubani, ithole okukufanele, futhi ikunike izinsizakalo zezempilo, inhlakakahle kanye nezakwa ndabazabantu eziphelele ezisebenza ngobuchwepheshe, (ezifana nempesheni nezinzuzo, izinhlelo zokusiza abasebenzi, kanye nezinhlelo zokuphatha ezempilo), okuhlanganisa nangama-website nama-app ethu. Siphinde sisebenzise imininingwane yakho ngezinhloso zethu, okuhlanganisa ukuhlaziya nokuthuthukisa izinsizakalo zethu kanye nokuxhumana.
Sicela ubheke izihloko ezingezansi ukuze uthole yonke imininingwane ngokuthi i-TELUS Health iyiphatha kanjani imininingwane yakho kanye nanoma yiziphi ezinye izihloko onentshisekelo kuzo kwiNqubomgomo yethu Yobumfihlo. Uma utholakala e-:
- European Economic Area (EEA) noma e-Switzerland, kufanele ufunde le Nqubomgomo Yobumfihlo kanye Nesengezo Senqubomgomo Yobumfihlo yase-Europe ukuze uqonde amalungelo akho nalokho ongakhetha kukho.
- E-Barbados, kufanele ufunde le Nqubomgomo Yobumfihlo kanye Nesengezo Senqubomgomo Yobumfihlo yase-Barbados.
- ENingizimu Afrika, kufanele ufunde le Nqubomgomo Yobumfihlo kanye Nesengezo Senqubomgomo Yobumfihlo yaseNingizimu Afrika.
- E-Ukraine, kufanele ufunde le Nqubomgomo Yobumfihlo kanye Nesengezo Senqubomgomo Yobumfihlo yase-Ukraine.
Mayelana Nale Nqubomgomo Yobumfihlo
Senze le nqubomgomo yobumfihlo ukuze sikutshele:
- Ukuthi yimiphi imininingwane esingayiqoqa ngawe;
- Ukuthi yini esingayenza ngale mininingwane; futhi
- Ongakhetha kukho mayelana nemininingwane osinika yona.
Le nqubomgomo ihlanganisa ama-website nama-App ethu, izinsizakalo ezihlinzekwa ngalezi zinkundla noma abantu abazisebenzisayo abafinyelela kuzo ngezinye izindlela (njengezinsizakalo zokwelulekwa kanye nezenhlalakahle) kanye nanoma yikuphi okunye ukuxhumana okungenzeka ube nakho nathi (njengocingo, i-email, noma ubuso nobuso). Le nqubomgomo ihlanganisa ngokuqondile ukuphatha kwethu imininingwane yabantu (okuhlanganisa, kwezinye izinsizakalo zethu, imininingwane yabantu ebucayi ) ephathelene nabantu bangempela futhi ayihlanganisi imininingwane yamabhizinisi.
Ezinye zezinsizakalo esizihlinzekayo ngezamakhasimende ethu, okusho ukuthi kungumsebenzi wekhasimende ukusingatha imininingwane yakho. Isibonelo, kungenzeka sihlinzeke ngezinsizakalo egameni lomqashi wakho noma umxhasi wohlelo. Kulezi zimo, singase sithumele umbuzo omayelana nokusebenzisa kwethu imininingwane yakho kwikhasimende lethu.
Ukuthola Imvume Yakho
Njengengxenye yokusebenzisa izinsizakalo zethu noma ukuxhumana nathi, singaqoqa futhi sicubungule eminye imininingwane ngawe. Uma senza kanjalo, sizoqoqa, sisebenzise noma sabelane ngemininingwane yakho ngemvume yakho, ngezinhloso esikwazise ngazo, noma njengoba kusuke kuvunyelwe noma kudingwa wumthetho. Imvume yakho ungayiveza ngokucacile noma ngezindlela ezithile (lapho lokhu kuvunyelwa wumthetho). Isibonelo, ngokubamba iqhaza ohlelweni lwakho lwezinzuzo, uvumela i-TELUS Health ukuba iqoqe futhi isebenzise imininingwane yakho ukuze ikuhlinzeke ngezinsizakalo kulolo hlelo. Ezimweni ezithile, singathola imvume kuwe ngqo (okuhlanganisa njengoba kuchazwe kule nqubomgomo yobumfihlo). Kwezinye izimo, singathembela kwimvume oyinikeze umqashi wakho noma umxhasi wezinzuzo.
Ungagodla noma uhoxise imvume yakho yokuba siqoqe, sisebenzise noma sabelane ngemininingwane yakho (lapho ukucutshungulwa kwemininingwane yakho kulele kwimvume yakho ngokwemithetho eyengamele lokhu). Ukuhoxiswa kwemvume akunamthelela ekubeni semthethweni kokucutshungulwa okulele kwimvume ngaphambi kokuhoxiswa kwayo. Kuya ngokuhlula kwezimo, nokho, ukuhoxisa imvume yakho kungaba nomthelela ekukwazini kwethu ukukusiza, noma esimweni sokuhlinzekwa kwezinzuzo, kungase kusivimbele ekucubunguleni izimangalo zakho.
Lapho Sithola Khona Imininingwane Yakho
Siqoqa imininingwane yabantu ngezindlela ezilandelayo:
- Kuwe ngqo;
- Kusukela ekusebenziseni kwakho izinsizakalo ze-TELUS Health, izinhlelo, ama-website nama-App;
- Kusuka kumqashi wakho, inhlangano, umhlinzeki womshwalense noma umxhasi wohlelo lwezinzuzo;
- Uma uhambela indawo yakwa-TELUS Health noma umcimbi wakhona;
- Uma ufaka isicelo somsebenzi kwa-TELUS Health;
- Uma uxhumana nathi ngesikhalazo noma umbuzo;
- Uma ukhuluma nathi ezinkundleni zokuxhumana; kanye/noma
- Ezinkampanini zangaphandle ezigunyazwe ngokusemthethweni.
Imininingwane Yezingane
Ngeke siqoqe, sisebenzise noma sabelane ngemininingwane yakho uma uneminyaka engaphansi kweminyaka yobudala ezweni lakho uma sikwazi lokhu, ngaphandle kwemvume yomzali wakho noma umnakekeli wakho. Uma ungaphansi kweminyaka yobudala futhi ufuna ukusebenzisa izinsizakalo zethu zokwelulekwa nenhlalakahle, umzali noma umnakekeli wakho udinga ukuxhumana ne-TELUS Health egameni lakho.
Iyiphi Imininingwane Esiyiqoqayo Futhi Kungani
Ukuqoqa kanye nokusebenzisa kwethu imininingwane yakho kuncike ekutheni yimiphi imikhiqizo nezinsizakalo inhlangano yakho exhasayo ekhetha ukuyihlinzeka kuwe, yimiphi imikhiqizo nezinsizakalo ze-TELUS Health okhetha ukubamba iqhaza kuzo, kanye nokuthi yimiphi imininingwane okhetha ukusinika lona.
Singaqoqa futhi sisebenzise lezi zinhlobo zeminingwane ngezinhloso ezilandelayo:
Imininingwane yomuntu
Isigaba semininingwane yomuntu | Izinhlobo Zemininingwane Esingayiqoqa | Indlela Esingayisebenzisa Ngayo |
Imininingwane kamazisi | Igama lakho, igama olisebenzisayo, inombolo yomsebenzi noma okunye okufanayo, ukuthi ushadile noma cha, usuku lokuzalwa nobulili obubikiwe |
|
Imininingwane yokuxhumana | Ikheli lakho lokukhokha, ikheli leposi, ikheli le-email nezinombolo zocingo |
|
Imininingwane yomsebenzi | Umsebenzi owenzayo, indawo osebenza kuyo, usuku owaqashwa ngalo, umlando wakho wemisebenzi, ikheli lasemsebenzini |
|
Imininingwane yokuxhumana | Izingxoxo zasocingweni eziqoshiwe noma ezibhaliwe, imibhalo egciniwe yokuxhumana (njengama-email, izincwadi, ingxoxo ye-internet, njll.) |
|
Iminingwane yokuxhumana ngezobuchwepheshe | Imininingwane yendawo okuyo, ikheli le-IP, imininingwane yokungena, uhlobo lwesiphequluli se-internet, ama-setting esikhathi nendawo, izinhlobo zama-plug-in esiphequluli se-internet, uhlelo lokusebenza (okuhlanganisa uhlobo lwekhompyutha, i-tablet noma umakhalekhukhwini osetshenzisiwe) nobunye ubuchwepheshe, obuhlangene nekhompyutha, i-tablet noma umakhalekhukhwini okusebenzisayo ukungena kuma-website noma ama-app ethu |
|
Imininingwane Yezicelo Zomsebenzi | I-CV, incwadi yesicelo somsebenzi, izincwadi zabaqashi bangaphambilini, umlando wokusebenza kanye nezinto onentshisekelo kuzo |
|
Imininingwane Yabantu Ebucayi
Isigaba Semininingwane Yabantu Ebucayi | Izinhlobo Zemininingwane Esingayiqoqa | Indlela Esingayisebenzisa Ngayo |
Imininingwane yezezimali | Imininingwane yakho yasebhange, i-email ehlangene nemali ethunyelwa ngobuchwepheshe kanye nemininingwane yokukhokha |
|
Imininingwane yokuthenga/ukukhokha | Imininingwane ngezimali ozikhokhayo noma ezikhokhelwa wena, neminye imininingwane yemikhiqizo nezinsizakalo ozithenge kithi, okuhlanganisa nezinombolo zama-akhawunti amakhasimende. |
|
Imininingwano yezempilo | Isimo sakho sempilo somzimba futhi/noma ingqondo esisithola ngokusebenzisa kwakho izinsizakalo zethu, esikunikwa nguwe ngekhompyutha, i-tablet noma umakhalekhukhwini okusebenzisayo noma nganoma yisiphi Isivivinyo osenzayo usiqede |
|
Ukukalwa kwezempilo | Isisindo sakho, ubude, inkomba yesisindo somzimba wakho, isikalo sokhalo lwakho, imiphumela yokuhlolwa kwe-cholesterol, i-lipoprotein, i-triglycerides, i-glucose kanye nomfutho wegazi, indlela olala ngayo noma olunye ulwazi olufanayo esilinikwa nguwe ngekhompuyutha, i-tablet noma umakhalekhukhwini owuxhumile noma nganoma yisiphi Isivivinyo osenzayo usiqede |
|
Imininingwane Yendlela Ophila Ngayo | Ukuphuza kwakho utshwala, ukubhema ugwayi noma ukusebenzisa imikhiqizo yawo, ukudla nokondleka (isb, imibuzo emayelana nesikalo sokudla okwahlukene okudlayo), ingozi yesifo senhliziyo nemithambo yegazi, ukuphatheka kahle kwemizwa (isb., ukugqilazeka engqondweni nokhwantalala), kanye nokulungela ushintsho. |
|
Imininingwane Yezimangalo | Imininingwane edalulwe kithi ngemvume yakho ngumhlinzeki wakho womshwalense, umhlinzeki wohlelo lwezempilo, noma umxhasi wohlelo mayelana nezimangalo ozenze ngaphansi kohlelo lwakho kanye/noma eminye imininingwane, okuhlanganisa imininingwane yezempilo. |
|
Singaphinde siqoqe futhi sisebenzise imininingwane yakho ukuze:
- Sikwenzele izinsizakalo egameni lakho noma lomqashi/umxhasi wakho wezinzuzo (okuhlanganisa ezempilo nehlalakahle, izinsizakalo zemiklomelo kanye nokubongwa, izinsizakalo zosizo lwabasebenzi nemindeni, izinhlelo zokuphatha ezempilo, izinzuzo zamaqembu kanye nezinhlelo zokutshala imali, kanye nezinsizakalo zokusingatha impesheni);
- Ukuqonda izidingo zakho, ukufaneleka kwemikhiqizo nezinsizakalo zethu, kanye nokuthuthukisa imikhiqizo nezinsizakalo zethu;
- Ukuhlinzeka ngezinsizakalo eziqondene nezidingo zakho kanye nokukuphatha njengomuntu;
- Ukukhangisa imikhiqizo nezinsizakalo zethu kuwe;
- Ukuthuthukisa ukusebenza kwebhizinisi lethu kanye nezinga lemikhiqizo nezinsizakalo zethu;
- Ukwakha nokuhlola imikhiqizo nezinsizakalo ezintsha;
- Ukuphatha ibhizinisi lethu kanye nezidingo zokusebenza;
- Ukusingatha nokuvikela ukuphepha kwebhizinisi lethu, nama-website, ama-app kanye nezinye izinsizakalo;
- Ukufeza imigomo yethu yezomthetho, okuhlanganisa ukuphoqelela amalungelo ethu omthetho; futhi
- Ukufeza ezinye izinhloso ezihlangene nanoma yikuphi kwalokhu okungenhla.
Ulwazi Olungahlonzi Abantu, Oluhlanganisiwe, kanye noluKhishwe Yonke Imininingwane Yabantu
Singasebenzisa imininingwane yakho ukuze sikhiqize ulwazi olungahlonzi abantu, oluhlanganisiwe noma olukhishwe yonke imininingwane yabantu. I-TELUS Health isebenzisa le mininingwane ukuze yenze ucwaningo, iqoqe imininingwane ehlanganisiwe, izibalo nemibiko, nokuhlaziya izinsizakalo zethu, amazinga ezinsizakalo, ukusebenza kwebhizinisi, kanye nemikhuba emisha yokwenza izinto.
Singathumela ulwazi olungahlonzi abantu, oluhlanganisiwe noma olukhishwe yonke imininingwane yomuntu namakhasimende ethu ngezinhloso zokubika, okuhlanganisa ukusetshenziswa kwezinsiza zethu, kanye nabahlinzeki bezinsizakalo bezinkampani zangaphandle ukuze lusetshenziswe ekwakheni izinto zokukhangisa, izindaba kanye nokuhlaziywa kwezibalo. Lokhu kuvumela i-TELUS Health, amakhasimende ayo kanye nabahlinzeki bethu bezinsizakalo zezinkampani zangaphandle ukuba baqonde ukuthi sisebenza kanjani, noma bathuthukise imikhiqizo efanele, izinsizakalo noma izipesheli.
I-TELUS Health Yabelana Nini Ngemininingwane Yakho?
I-TELUS Health ingabelana ngemininingwane yakho:
- Namanye amabhizinisi e-TELUS Health ukuze asebenzele wena, okuhlanganisa nezinhloso zokuphatha ngaphakathi kanye nokusingatha.
- Abahlinzeki bezinsiza bezinkampani zangaphandle okudingeka ukuba bagcine imininingwane yakho iyimfihlo futhi ivikelekile futhi abavumelekile ukusebenzisa noma ukudalula imininingwane ngezizathu ezingale kokwenza izinsizakalo egameni lethu noma ngokuthobela izidingo zomthetho.
- Izinkampani zangaphandle nesisebenza nazo uma kwenzeka kuhlanganiswa izinkampani noma kuthengwa kwezinye, ukudluliswa kwezimpahla, ukuhlelwa kabusha noma ukuphelelwa yimali. Lezi zinkampani nazo kudingeka ukuba zigcine imininingwane yakho iyimfihlo futhi ivikelekile kanti ukusebenzisa kwabo imininingwane kukhawuliwe ngenxa yale le nhloso.
- Uhulumeni, izinkampani ezilawulayo nezinhlaka zomthetho ukuze sifeze imigomo yethu yomthetho nokulawula ubungozi.
- Umphakathi jikelele nabanye abasebenzisi bohlelo uma ubhala ukuphawula, imibhalo yama-blog, izincomo, noma olunye ulwazi olufanayo ezinkundleni zethu zobuchwepheshe.
- Inhlangano yakho exhasayo noma umhlinzeki wohlelo lwezempilo lapho unikeza imvume yakho ngokucacile noma ngenye indlela (lapho lokhu kuvunyelwe ngokomthetho) noma uma kudingeka ukuba senze kanjalo ngokomthetho.
Ukudluliswa Kwemininingwane Phakathi Kwamazwe Ahlukahlukene
I-TELUS Health yinhlangano yamazwe ngamazwe enezinye izinhlangano ebambisene nazo, esebenzisana nazo kanye nosonkontileka abancane abatholakala emazweni amaningi emhlabeni jikelele. Ukuze sikuhlinzeke ngezinsizakalo zethu, i-TELUS Health ingashintshisana ngemininingwane yabantu namabhizinisi e-TELUS Health, ababambisene nabo noma abahlinzeki bezinsizakalo emazweni ahlukahlukene, abasebenza egameni lethu ngokuhambisana nomthetho olawula lokhu.
Izibonelo zamazwe esiwadlulisela futhi esishintshana nawo ngemininingwane yabantu zihlanganisa, iMelika, i-United Kingdom, i-Canada ne-Australia, ukubala nje ambalwa. Uma imininingwane yakho idluliselwa ngaphandle kwezwe lakho, sizothatha izinyathelo ezifanele zokuqinisekisa izinga elilinganayo lokuvikelwa kwemininingwane ngaphansi komthetho olawula lokhu. Sizothola nemvume lapho kudingeka khona ngaphansi komthetho olawula lokhu. Sicela uxhumane nathi uma ufuna ulwazi olwengeziwe mayelana nendlela esivikela ngayo imininingwane yomuntu edluliselwa ngaphandle kwezwe lakho.
Isaziso Kubasebenzisi Bezinhlelo abase-China
Lolu lwazi olungezansi lungase luqoqwe kuwe noma luhlinzekwe inhlangano yakho exhasayo, luthunyelwa ngaphandle kwase-China
Imininingwane yomuntu eqoqiwe (okuhlanganisa imininingwane ebucayi) | Incazelo yokubukeka kwakhe |
Imininingwane kamazisi | Kuhlinzekwe nguwe noma inhlangano yakho exhasayo ngesikhathi wenza i-akhawunti yakho njengegama lakho, usuku lokuzalwa, inombolo yomsebenzi, ubulili, ulimi |
Imininingwane yokuxhumana | Ihlinzekwe nguwe noma inhlangano yakho exhasayo ngesikhathi weza i-akhawunti yakho, njenge-email yakho, Izwe, Idolobha |
Imininingwane yomsebenzi | Kuhlinzekwe nguwe noma inhlangano yakho exhasayo ngesikhathi wenza i-akhawunti yakho, njengegama leNkampani, umsebenzi owenzayo, isimo somsebenzi, usuku owaqala ngalo emsebenzini |
Imininingwane yezempilo | Isimo sakho sezempilo somzimba kanye/noma ingqondo esihlinzekwe nguwe mayelana nokusebenzisa kwakho izinsizakalo zethu, ehlinzekwe nguwe ngekhompyutha, i-tablet noma umakhalekhukhwini oxhunyiwe noma nganoma yisiphi Isivivinyo ozosenza usiqede. |
Ukukalwa kwezempilo | Isisindo sakho, ubude, inkomba yesisindo somzimba wakho, isikalo sokhalo lwakho, imiphumela yokuhlolwa kwe-cholesterol, i-lipoprotein, i-triglycerides, i-glucose kanye nomfutho wegazi, indlela olala ngayo noma olunye ulwazi olufanayo esilinikwa nguwe ngekhompuyutha, i-tablet noma umakhalekhukhwini owuxhumile noma nganoma yisiphi Isivivinyo osenzayo usiqede |
Imininingwane Yendlela Ophila Ngayo | Ukuphuza kwakho utshwala, ukusebenzisa kwakho ugwayi/imikhiqizo yawo, ukudla kanye nokondleka komzimba (isb., isikalo sokudla okuhlukahlukene okudlayo kanye nemibuzo ehlangene nokondleka), ingozi yesifo senhliziyo nemithambo yegazi, ukuphatheka kahle kwemizwa (isb., ukugqilazeka kwengqondo nokhwantalala), kanye nokulungiselela ushintsho. Le mininingwane ihlinzekwa nguwe ngeZivivinyo okungenzeka uzenze uziqede |
Ukugcinwa Kwemininingwane Yakho
I-TELUS Health ingagcina imininingwane yakho kwizizinda zemininingwane ezitholakala eMelika, e-Canada, e-United Kingdom noma kumanye amazwe. Abanye babahlinzeki bethu bezinsizakalo nabo bangagcina noma bafinyelele kwimininingwane yabantu emazweni angaphandle kwalapho uhlala khona noma othola khona izinsizakalo, futhi kulezo zimo, bangaphansi kwemithetho yaleyo ndawo. Ngenxa yalokhu, kungaba nezimo lapho abanye ohulumeni bangaphandle, izinkantolo, izikhungo zomthetho noma izinkampani ezilawulayo benelungelo lokuthola imininingwane yabantu eqoqwe futhi egcinwe yi-TELUS Health noma osonkontileka bethu abancane.
Uma uvakashela i-website yethu uvela ezweni elingaphandle kwe-Canada, ukuxhumana kwakho nathi nge-website yethu nanoma yiziphi izinsiza zayo kungaholela ekudlulisweni kwemininingwane emingceleni yamazwe omhlaba.
Ukugcinwa Kwemininingwane Yakho
Sigcina imininingwane yakho isikhathi esivunyelwa yinkontileka, ukusebenza noma wumthetho kuphela. Uma singasayidingi imininingwane, iyalahlwa noma ikhishwe imininingwane engaveza ukuthi umuntu ungubani.
Ukuze sinqume isikhathi esifanele sokugcinwa Kwemininingwane Yomuntu, sicabanga ukuthi inakanani imininingwane, hloboluni lwemininingwane, nobucayi Bemininingwane Yomuntu, ingozi engaba khona yokulimala ngokusetshenziswa okungagunyaziwe noma ukudalulwa kweminingwane yakho, izinhloso esicubungula ngazo Imininingwane Yakho kanye nokuthi singazifeza na lezo zinhloso ngezinye izindlela, kanye nezidingo zomthetho olawula lokhu.
Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe ngezikhathi zokugcinwa kweminingwane, sicela ubheke Inqubomgomo yethu Yokugcinwa Ye-LTELUS Health One noma uma uneminye imibuzo sebenzisa imininingwane enikezwe ekugcineni kwale Nqubomgomo Yobumfihlo ukuze uxhumane nathi.
Izivikelo
Sisebenzisa izivikelo eziphathekayo, ezobuchwepheshe, ezenhlangano nezenkontileka, ezifanele ubucayi bemininingwane, ukuze sivikele imininingwane yabantu esiyigcinile noma esiyilawulayo, ekufinyeleleni okungagunyaziwe, ukudalulwa noma ukusetshenziswa.
Ukufinyelela Kwimininingwane Yakho
Uma uthumela isicelo esibhaliwe, sizokwazisa ngobukhona, ukusetshenziswa, kanye nokudalulwa kwemininingwane yakho esiyigcinile. Kungenzeka singakwazi ukukunikeza lonke ulwazi olucelile, kuya ngezimo ezibekiwe, futhi kungenzeka ukuba udinge ukukhokhela amakhophi emininingwane yakho.
Ukulungisa Imininingwane Yakho
Sizokwenza imizamo efanele yokugcina imininingwane iqondile, iyiqiniso futhi ibuyekeziwe. Uma kukhona okudinga ukushintshwa noma ukulungiswa, sazise ngokushesha. Sizokwenza izibuyekezo ezifanele ezidingekayo ukuze sigcine izinto zihamba kahle. Ungabuyekeza imininingwane yakho ngokubheka izincwadi esikuthumelela zona, kuma-akhawunti akho onawo nathi aku-internet, noma ngokucela ukubona imininingwane yakho, njengoba kuchazwe ngenhla.
Amanye Amalungelo Omnikazi Wemininingwane
Kuya ngezwe ohlala kulo, ungaba namalungelo engeziwe mayelana nemininingwane yakho, ahlangisa:
- Ilungelo lokususa imininingwane yomuntu. Ungaba nelungelo lokucela ukuba imininingwane yakho isuswe uma usuhoxise imvume yakho yokuba sicubungule le mininingwane noma ezinye izimo ezihlinzekwe ngaphansi komthetho olawula lokhu, inqobo nje uma leyo mininingwane ingasadingi ukucutshungulwa yithi ukuze sifeze imigomo yethu yomthetho.
- Ilungelo lokukhawula noma ukuphikisa ukucutshungulwa. Ungaba nelungelo lokusicela ukuthi sikhiphe imininingwane engakuhlonza, sisuse noma sikhawule noma unqabe ukucutshungulwa kwemininingwane yakho ezimweni ezithile, njengalapho uthola khona ukuthi imininingwane eqoqwe yithi ayidingeki noma idlulele.
- Ilungelo lokuthunyelwa kwemininingwane. Ungaba nelungelo lokusicela ukuba sikunikeze imininingwane yakho ngendlela ehlelekile, evame ukusetshenziswa futhi nefundeka ngomshini, nelungelo lokucela ukuba le mininingwane ithunyelwe komunye umuntu noma inkampani.
- Ilungelo lokufaka isikhalazo. Ungaba nelungelo lokufaka isikhalazo mayelana nendlela esiphatha ngayo noma esicubungula ngayo imininingwane yakho kwiziphathimandla ezifanele.
Abantu base-France kuphela: unelungelo lokuchaza ukuthi ufuna kwenzekeni kwimininingwane yakho uma kwenzeka ushona.
Uma ungathanda ukusebenzisa noma yiliphi kula malungelo, sicela usebenzise imininingwane yokuxhumana engezansi.
Ukukhangisa
Ngezinye izikhathi singakuthumela izaziso nge-email eziphathelene ne-website yethu, i-App noma Izinsizakalo, ezingase zihlanganise ama-email enzelwe wena asuselwe kulokho okwenza kwi-website nakwi-App yethu. Ungathola nama-email avela kithi asuselwa ekusebenziseni kwakho izinsizakalo ezithile ezidinga ukuxhumana nge-email. Lapho kungenzeka khona, uzonikezwa ithuba lokukhetha indlela ehlukile yokuxhumana noma ukuphuma ekutholeni lokho kuxhumana, yize kungaba nomthelela omubi noma kukuvimbele ekutholeni ngokuphelele izinsizakalo ozibhalisele.
Imininingwane Yokuxhumana
Uma unemibuzo noma okukukhathazayo mayelana nale nqubomgomo noma ukuphathwa kwemininingwane yakho ngabakwa-TELUS Health, noma uma ufuna ukufaka isikhalazo, sicela ubhalele i-Privacy Officer yethu lapha:
Ngeposi: Privacy Officer
I-TELUS Health (Canada) Ltd.
25 York Street
Floor 30
I-Toronto, KU-M5J 2V5
Canada
Nge-email: privacyhealth@telus.com
Sicela uqaphele ukuthi kungenzeka sidinge ukuqinisekisa ubuwena, sicele imininingwane eyengeziwe futhi sisebenzisane neminye iminyango yakwa-TELUS Health ukuze ikuphendule noma ibheke okukukhathazayo noma isikhalazo sakho.
Izinguquko Kunqubomgomo Yethu Yobumfihlo
Kungenzeka sishintshe lesi saziso ngezikhathi ezithile futhi sizofaka leso esinemininingwane yakamuva kwi-internet.
Igcine ukubuyekezwa: Novemba 2024
Inqubomgomo Yama-Cookie ye-TELUS Health One
Yini i-Cookie?
I-Cookie ifayela elincane lemininingwane elingabekwa yi-website kumakhalekhukhwini, i-tablet noma ikhompyutha yakho. Ifayela le-cookie lingaba nemininingwane yobuchwepheshe (efana negama elisetshenziswa wumuntu kwi-internet) i-website engayisebenzisa ukulandelela amakhasi owavakashele kanye nokuqopha izinto ozithandayo ukuze bazi ama-website osazongena kuwo. Isibonelo, uma uvakashela i-website yethu, singaqoqa imininingwane kuwe ngama-cookie noma ubuchwepheshe obufanayo.
Ama-cookie Esiwasebenzisayo Nokuthi Kungani Siwasebenzisa
I-TELUS Health Platform isebenzisa ama-cookie kanye nobuchwepheshe obuhlangene nawo ukuze ikuhlukanise kwabanye abasebenzisi be-website, ukuqonda ukuthi uwasebenzisa kanjani ama-website ethu, ukuqapha nokuthuthukisa ukusebenza kwama-website ethu, kanye nokwenza isikhathi osichitha kuma-website ethu usichithe kulokhu okuqondene nezindingo zakho.
Ama-cookie amaningi kuma-website e-TELUS Health ahlala kuphela ngesikhathi ukwi-website bese ephelelwa yisikhathi uma uphuma kwi-website. Amanye ama-cookie (aziwa ngokuthi “ama-cookiei aphikelelayo”) ahlala kumakhalekhukhwini, i-tablet noma ikhompyutha yakho ngoba asetshenziselwa ukukukhumbula uma ubuyela kwi-website.
Ama-cookie Abalulekile
Igama le-Cookie | Uhlobo | Incazelo yalo |
WAM_AUTH | I-cookie yokulondoloza isikhathi sakho kwi-internet | Lokhu kukusiza ukuthi ugcine isikhathi sakho emakhasini e-website ahlukene noma i-app ne-API (“application programming interface”). |
WAM_SUBDOMAIN | I-cookie yokulondoloza isikhathi sakho kwi-internet | Lokhu kusiza ukukhumbula ukuthi yisiphi isizinda obukuso uma kwenzeka uyiswa kwelinye ikhasi. |
wamToken | I-cookie yokulondoloza isikhathi sakho kwi-internet | Lokhu kukusiza ukuthi ugcine isikhathi sakho emakhasini e-website ahlukene noma i-app ne-API (“application programming interface”). |
lw_language | I-cookie yolimi lomuntu osuke esebenzisa i-internet | Le cookie ilandelela ulimi i-website noma i-app yethu evela ngalo. Igcinwa endaweni eseduze futhi ayidluleli phambili lapho ushintsha ama-website. |
wamT | I-cookie yokubona uma umuntu ekwi-internet | Igcina iminingwane yakho ongene ngayo noma usushintsha amakhasi. |
ukuphikelela | Ukuthi uqhubeke yini nokungena | Le cookie isetshenziselwa ukukhomba ukuthi kufanele igcinwe ifakiwe yini iminingwane yomuntu osebenzisa i-internet ngemuva kokuvala i-website noma ikhasi asuke ekulo. |
AWSELB | I-cookie ye-OneHippo CMS yekhasimende | I-cookie ye-AWS Load Balancer isetshenziselwa ukuveza ukusebenza kwe-Hippo CMS ukuqinisekisa ukuthi umuntu osebenzisa i-internet ngaleso sikhathi akaphazamiseki. |
AWSELBCORS | I-cookie ye-OneHippo CMS yekhasimende | Ifana ne-cookie enamathelayo ye-AWS Load Balancer kodwa kulesi simo, isilinganisi somthwalo (load balancer) sikhiqiza i-cookie yesibili enamathelayo, ehlanganisa imininingwane efanayo njenge-cookie enamathelayo yokuqala kanye ne-SameSite. |
Cloudfront-* | Cloudfront config cookie | Ama-cookie okuqinisekisa e-CloudFront asetshenziselwa ukufinyelela kwimisindo namavidiyo atholakala kuma-website. |
_help_centre_session | Yenza isikhathi osichitha engxenyeni ye-TELUS Health Yosizo sibe ngcono. | I-ZenDesk - Uhlelo Losizo Nokwesekwa Kwekhasimende olunikeza izimpendulo zemibuzo ejwayelekile futhi luvumela abantu abasuke besebenzisa i-website ukuba bakwazi ukuthola amathikithi okusizakala. |
_zendesk* | Yenza isikhathi osichitha engxenyeni ye-TELUS Health Yosizo sibe ngcono. | I-ZenDesk - Uhlelo Losizo Nokwesekwa Kwekhasimende olunikeza izimpendulo zemibuzo ejwayelekile futhi luvumela abantu abasuke besebenzisa i-website ukuba bakwazi ukuthola amathikithi okusizakala. |
USLRelayState |
I-Authentication Relay State | Isetshenziselwa ukulondoloza nokudlulisa ulwazi lwesifunda ngezinjongo zokuqinisekisa. |
Ama-cookie Asebenzayo
Igama le-Cookie | Uhlobo | Incazelo yalo |
walkthroughExcludeList | Okuthandwa Umuntu Osuke Esebenzisa i-Website | Ilawula ukuhlinzekwa kwabantu abasuke besebenzisa i-website okokuqala ngosizo lokusebenzisa i-website. Le cookie igcinwa endaweni eseduze futhi ayidluliselwa phambili lapho ushintsha i-website. |
Ama-cookie Okuhlaziya
Igama le-Cookie | Uhlobo | Incazelo yalo |
_ga | I-cookie engalandeli imininingwane yomuntu | Iqoqa imininingwane okungeyona eyomuntu, emayelana nokuthi abantu bayisebenzisa kanjani i-website noma i-app yakwa-TELUS Health, esetshenziswa yi-TELUS Health ukuze iqaphe futhi ithuthukise i-website noma i-App lapho kudingeka khona. |
_gat | I-cookie engalandeli imininingwane yomuntu | Iqoqa imininingwane okungeyona eyomuntu, emayelana nendlela abantu abasebenzisa ngayo i-website ye-TELUS Health noma i-App, lokhu kuzoqapha ukusebenza kwazo ukuze sizithuthukise lapho kudingeka khona. |
_gid | I-cookie engalandeli imininingwane yomuntu | Iqoqa imininingwane okungeyona eyomuntu, emayelana nendlela abantu abasebenzisa ngayo i-website ye-TELUS Health noma i-App, lokhu kuzoqapha ukusebenza kwazo ukuze sizithuthukise lapho kudingeka khona. |
IMVUME | I-cookie engalandeli imininingwane yomuntu | Lawa ama-cookie agcinwa wu-Google ahlangene nezinsizakalo zika-Google esizisebenzisayo njenge-Google Fonts kanye ne-Google Analytics. |
I-DV | I-cookie ka-Google | Lama cookie abekwa ngemibhalo ye-Google efakiwe efana ne-Google Fonts, Google Analytics namavidiyo e-YouTube afakiwe. Abhalisa imininingwane yezibalo engahlangene neniminingwane yabantu, ngokwesibonelo, ukuthi ividiyo ikhonjiswe kangaki nokuthi yimaphi ama-setting asetshenziselwa ukuyidlala. Ayikho imininingwane ebucayi eqoqwayo ngaphandle uma umuntu engene kwi-akhawunti yakhe ka-Google, kuleso simo ongakukhetha kulele kwi-akhawunti yakho, isibonelo, uma ucofa u-"like" kwividiyo. |
1P_JAR | I-cookie ka-Google | Lama cookie abekwa ngemibhalo ye-Google efakiwe efana ne-Google Fonts, Google Analytics namavidiyo e-YouTube afakiwe. Abhalisa imininingwane yezibalo engahlangene neniminingwane yabantu, ngokwesibonelo, ukuthi ividiyo ikhonjiswe kangaki nokuthi yimaphi ama-setting asetshenziselwa ukuyidlala. Ayikho imininingwane ebucayi eqoqwayo ngaphandle uma umuntu engene kwi-akhawunti yakhe ka-Google, kuleso simo ongakukhetha kulele kwi-akhawunti yakho, isibonelo, uma ucofa u-"like" kwividiyo. |
I-NID | I-cookie ka-Google | Le khukhi iqukethe i-ID ehlukile esetshenziselwa ukukhumbula okuthandayo kanye neminye imininingwane efana nolimi oluncamelayo, mingaki imiphumela oncamela ukuvezelwa yona uma kukhona okubhekayo ekhasini lemiphumela (isibonelo, 10 noma 20), nokuthi uyafuna yini ukuvula isihlungi sika-Google i-SafeSearch. I-cookie ngayinye ye-NID iphelelwa yisikhathi emuva kwezinyanga ezingu-6 umuntu agcina ukuhlangabezana nayo. |
_ga_<container id> | I-cookie ka-Google | Isetshenziselwa ukuqhuba isimo sesikhathi oesichitha kwi-website. |
giftCards* | I-oda lekhadi lesipho | Ilandelela i-oda uma kuphazamiseka ukuxhumeka kwi-website noma i-App. Lama cookie agcinwa endaweni eyodwa futhi awadluliselwa phambili lapho ushintsha ama-website. |
Ama-cookie Enhlangano Yangaphandle
Phezu kwama-cookie i-TELUS Health ewaletha kumakhalekhukhwini, i-tablet noma ikhompyutha yakho ngama-website ethu, izinkampani zangaphandle nazo zingabeka ama-cookie ngenxa yezizathu ezahlukahlukene. Isibonelo, sisebenzisa i-Google Analytics, ithuluzi lokuhlaziya izibalo ze-website elisiza siqonde ukuthi abantu basebenza kanjani ne-website. Ukuze ufunde kabanzi nge-Google Analytics, cofa lapha.
Abanye abantu bangaletha ama-cookie kumakhalekhukhwini, i-tablet noma ikhompyutha yakho ngenhloso yokuqonda ukuziphatha kwakho ku-inthanethi nakuma-website angahlobene, nokuletha izikhangiso eziqonde kuwe kwi-website yethu noma amanye.
Ukuvimba Ama-cookie
Ungavimba ama-cookie ngokushintsha ama-setting akho e-internet, yize lokhu kungaphazamisa ukusebenza kwama-website e-TELUS Health. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe ngokuvimba ama-cookie noma ukukhangisa okuhlosiwe, bheka imiyalelo yesiphequluli sakho se-internet.
Izinhlelo Zokungalandeli ezaziwa nge-Do-Not-Track-Mechanisms
Ngenxa yokushintshashintsha kobuchwepheshe, asikwazi ukuqinisekisa ukuthi izinhlelo zethu zizokwazi ukuhlonipha izicelo ze-Do-Not-Track ezithunyelwe isiphequluli sakho se-internet.
Indlela Yokuphatha Ama-cookie
Ungahlela ukuthi isiphequluli sakho se-internet singawamukeli ama-cookie noma ushintshe ama-setting ama-cookie kwisiphequluli se-internet ngendlela efanele. Kodwa, ezimweni ezimbalwa, ezinye izingxenye ze-website yethu kungenzeka zingasebenzi ngenxa yalokhu.
Uma ukhetha ukukhubaza noma ukuvimba ama-cookie ethu kwikhompyutha yakho, lokhu uzodinga ukukwenza ngesiphequluli sakho se-internet. Cofa ohlwini 'Usizo' ukuze ufunde ukukhetha indlela ofuna ama-cookie akusebenzele ngayo.
Imininingwane Yokuxhumana
Uma unemibuzo noma okukukhathazayo mayelana nale nqubomgomo noma ukuphathwa kwemininingwane yakho ngabakwa-TELUS Health, noma uma ufuna ukufaka isikhalazo, sicela ubhalele i-Privacy Officer yethu lapha:
Ngeposi: Privacy Officer
I-TELUS Health (Canada) Ltd.
25 York Street
Floor 30
I-Toronto, KU-M5J 2V5
Canada
Nge-email: privacyhealth@telus.com
Sicela uqaphele ukuthi kungenzeka sidinge ukuqinisekisa ubuwena, sicele imininingwane eyengeziwe futhi sisebenzisane neminye iminyango yakwa-TELUS Health ukuze ikuphendule noma ibheke okukukhathazayo noma isikhalazo sakho.
Izinguquko Kunqubomgomo Yethu Yama-cookie
Kungenzeka sishintshe lesi saziso ngezikhathi ezithile futhi sizofaka leso esinemininingwane yakamuva kwi-internet.
Igcine ukubuyekezwa: Novemba 2024
Inqubomgomo Yobumfihlo Yama-App
I-TELUS Health iqoqa, isebenzise futhi yabelane ngemininingwane uma u-download, ubhalisa noma usebenzisa izinhlelo zethu ezisebenza ngomakhalekhukhwini (“Ama-Apps”). Ukuze uthole yonke imininingwane mayelana nokuthi i-TELUS Health icubungula kanjani imininingwane yakho, sicela ubuyekeze Inqubomgomo Yobumfihlo ye-TELUS Health kanti Uma utholakala:
- E-European Economic Area (EEA) noma e-Switzerland, kufanele ufunde le Nqubomgomo Yobumfihlo kanye Nesengezo Senqubomgomo Yobumfihlo yase-Europe ukuze uqonde amalungelo akho nalokho ongakhetha kukho.
- E-Barbados, kufanele ufunde le Nqubomgomo Yobumfihlo kanye Nesengezo Senqubomgomo Yobumfihlo yase-Barbados.
- ENingizimu Afrika, kufanele ufunde le Nqubomgomo Yobumfihlo kanye Nesengezo Senqubomgomo Yobumfihlo yaseNingizimu Afrika.
- E-Ukraine, kufanele ufunde le Nqubomgomo Yobumfihlo kanye Nesengezo Senqubomgomo Yobumfihlo yase-Ukraine.
Imininingwane Esiyiqoqayo
I-TELUS Health ingaqoqa:
- Imininingwane yomuntu, efana neyokuxhumana, umsebenzi noma eyezempilo oyifaka ngesikhathi ubhalisa futhi usebenzisa ama-App; kanye
- Nemininingwane yobuchwepheshe, efana nemininingwane emayelana nokusebenzisa kwakho i-App (isb, izikhathi zokungasebenzi kwe-website), imininingwane emayelana nomakhalekhukhwini wakho (uhlobo lukamakhalekhukhwini, uhlelo lobuchwepheshe elusebenzisayo, njll.) kanye nokusebenzisana kwawo ne-App, nemininingwane yendawo umakhalekhukhwini okuyo.
Indlela Esisebenzisa Ngayo Imininingwane Yakho
I-TELUS Health ingasebenzisa imininingwane eqoqwe ngama-App ethu ukuze:
- Iqedela ukubhalisa, ukusebenzisa imali noma izinsizakalo okucelwe ngama-App ethu;
- Ukuxhumana nawe mayelana nezinsizakalo noma imibuzo okufakwe ngama-App ethu;
- Ukukwazisa ngezimemezelo nezipesheli zakamuva;
- Ukwenza ulwazi nezinsiza okutholakala kuma-App kuqondane nezidingo zakho;
- Ukubuyekeza izinga lama-App ethu, futhi sithuthukise ukusebenza kwawo;
- Ukuthuthukisa imikhiqizo nezinsizakalo, okuhlanganisa nama-App nezingxenye zawo ezintsha;
- Ukwakha imininingwane engabahlonzi abantu yokuhlaziywa kweminingwane nezinye izinhloso
- Ukukhiqiza nokwabelana ngezibalo zolwazi olukhishwe imininingwane yabantu nokuyilinganisa nezinye ezisemkhakheni; kanye
- Nokuthobela imithetho neziqondiso kanye nezicelo noma imiyalo esemthethweni.
Njengenhlangano yamazwe ngamazwe, i-TELUS Health kanye nabahlinzeki bethu bezinsizakalo zezinkampani zangaphandle bacubungula futhi bagcine imininingwane yabantu emazweni ahlukahlukene emhlabeni wonke. Sigcina imininingwane yakho isikhathi esivunyelwa yinkontileka, ukusebenza noma wumthetho kuphela. Uma singasayidingi imininingwane, siyayilahla noma sikhiphe imininingwane engahlonza abantu kuyo.
Ongakhetha kukho
Ungafinyelela, ushintshe, noma ususe imininingwane yakho ngokungena kuma-App ethu usebenzise igama lakho lomsebenzisi nenombolo/igama okwaziwa nguwe nokuvakashela ama-setting e-akhawunti yakho. Ungakhetha ukuzikhipha ekuqoqweni kweminingwane yi-TELUS Health esikhathini esizayo ngokususa i-App yethu kumakhalekhukhwini wakho.
- Izaziso nemininingwane yendawo okuyo. Uma ungena kuma-App ethu, kungenzeka ubuzwe ukuthi uzosivumela yini ukuba sibone indawo okuyo ngesikhathi ungayisebenzisi i-App kanye/noma ukuthi ungathanda yini ukuthola izaziso kumakhalekhukhwini wakho. Uma ucofa okuthi “ngiyavuma”, ungakushintsha lokhu kuma-setting obumfihlo kumakhalekhukhwini wakho noma kwi-App qobo lwayo. Uma uvimba ukusetshenziswa kwemininingwane yendawo okuyo, ezinye izingxenye ze-App zingase zingasebenzi kahle.
- Imininingwane ekumakhalekhukhwini wakho. Amandla okuqoqa imininingwane yomuntu ethile alawulwa ama-setting kamakhalekhukhwini wakho (isb, ukufinyelela kwizinombolo zocingo ezikhona, izithombe). Uma ukhetha ukungakuvumeli lokhu, ezinye izinsizakalo kungenzeka zingasebenzi kahle. Bheka amaphepha afika nomakhalekhukhwini wakho mayelana nendlela yokuvumela noma ukuvimba ukuqoqwa kweminingwane ethile kumakhalekhukhwini wakho.
Imininingwane Yokuxhumana
Uma unemibuzo noma okukukhathazayo mayelana nale nqubomgomo noma ukuphathwa kwemininingwane yakho ngabakwa-TELUS Health, noma uma ufuna ukufaka isikhalazo, sicela ubhalele i-Privacy Officer yethu lapha:
Ngeposi: Privacy Officer
I-TELUS Health (Canada) Ltd.
25 York Street
Floor 30
I-Toronto, KU-M5J 2V5
Canada
Nge-email: privacyhealth@telus.com
Sicela uqaphele ukuthi kungenzeka sidinge ukuqinisekisa ubuwena, sicele imininingwane eyengeziwe futhi sisebenzisane neminye iminyango yakwa-TELUS Health ukuze ikuphendule noma ibheke okukukhathazayo noma isikhalazo sakho.
Izinguquko Kunqubomgomo Yethu Yobumfihlo
Kungenzeka sishintshe lesi saziso ngezikhathi ezithile futhi sizofaka leso esinemininingwane yakamuva kwi-internet.
Igcine ukubuyekezwa: Novemba 2024
Isengezo Senqubomgomo Yobumfihlo Yase-Europe
Lesi Sengezo Senqubomgomo Yobumfihlo Yase-Europe (“Inqubomgomo Yobumfihlo YaseYurophu”) esabasebenzisi bezinsizakalo ze-TELUS Health abatholakala e-EEA nase-Switzerland. Uma utholakala e-EEA noma e-Switzerland, kufanele ufunde kokubili Inqubomgomo Yobumfihlo ye-TELUS Health kanye nalesi Sengezo Senqubomgomo Yobumfihlo yase-Europe ukuze uqonde amalungelo akho nalokho ongakhetha kukho.
Isisekelo Sokucubungula Okusemthethweni
Imithetho yase-Europe yokuvikela imininingwane idinga ukuthi sicacise izizathu zethu zokusebenzisa imininingwane yomuntu. I-TELUS Health icubungula imininingwane yabantu abasebenzisa izinsizakalo zabo e-EEA noma e-Switzerland ngalezi zizathu:
- Imvume. Uma unikeze imvume yakho noma, esimweni semininingwane ebucayi, lapho unikeze imvume yakho ecacile, yokuqoqa kwethu imininingwane yakho;
- Ukusebenza kwenkontileka nawe. Uma sidinga ukwenza insizakalo oyifunayo noma oyivumile, ngokweMigomo Yokusebenzisa ovumelana nayo ngesikhathi wenza i-akhawunti ne-TELUS Health;
- Okuphathelene nomthetho. Uma sinesizathu esisemthethweni sebhizinisi noma sokuhweba sokusebenzisa imininingwane yakho, futhi izifiso zakho namalungelo akho ayisisekelo akuziphazamisi lezo zizathu. Senze izivivinyo zokulinganisa kukho konke ukucutshungulwa kwemininingwane esikwenzayo ngesisekelo sezintshisekelo zethu ezisemthethweni. Ungathola ulwazi nganoma yikuphi ukuhlolwa kwethu kokulinganisa ngokuxhumana nathi ngemininingwane ebekwe kamuva kulesi saziso.; kanye/noma
- Isibopho sezomthetho. Uma sidinga ukuthobela isibopho somthetho noma sokulawula.
Ngaphambi kokuqoqa noma ukusebenzisa noma yiziphi izigaba ezikhethekile zemininingwane (okwaziwa njengemininingwane yabantu ebucayi Kunqubomgomo Yobumfihlo), sizosebenzisa leyo mininingwane kuphela:
- Ngemvume yakho ecacile;
- Ukuze kusungulwe, kwenziwe noma sikwazi ukuzivikela thina noma omunye ongaphandle kwizimangalo zomthetho; noma
- Uma kukhona ukukhululwa ngaphansi komthetho wendawo osivumela ukuthi sikusebenzise, njengokuhlobene nokucutshungulwa kwezigaba ezikhethekile zemininingwane ngezinhloso zomshwalense, noma ukunquma izinzuzo ngaphansi kohlelo lwempesheni yomsebenzi.
I-TELUS Health ingacubungula imininingwane yakho ngezinhloso eziningi, kuya ngesizathu noma izinhloso zokusebenzisa imininingwane yakho. Sicela uxhumane nathi uma udinga imininingwane mayelana nezizathu ezithile esithembele kuzo ukuze sicubungule imininingwane yakho.
Ukudluliswa kwemininingwane Yomuntu Ngaphandle Kwe-EEA
I-TELUS Health izoqinisekisa ukuthi kusetshenziswa izivikeli ezanele uma sidinga ukuthumela imininingwane yomuntu ngaphandle kwe-EEA ukuze ivikeleke ngezinga elifanayo. Sicela uxhumane nathi uma ufuna ulwazi olwengeziwe mayelana nendlela esidlulisa futhi sivikele ngayo imininingwane yakho ngaphandle kwe-EEA.
Imininingwane Yokuxhumana
Uma unemibuzo noma okukukhathazayo mayelana nale nqubomgomo noma ukuphathwa kwemininingwane yakho ngabakwa-TELUS Health, noma uma ufuna ukufaka isikhalazo, sicela ubhalele i-Privacy Officer yethu lapha:
Ngeposi: Privacy Officer
I-TELUS Health (Canada) Ltd.
25 York Street
Floor 30
I-Toronto, KU-M5J 2V5
Canada
Nge-email: privacyhealth@telus.com
Sicela uqaphele ukuthi kungenzeka sidinge ukuqinisekisa ubuwena, sicele imininingwane eyengeziwe futhi sisebenzisane neminye iminyango yakwa-TELUS Health ukuze ikuphendule noma ibheke okukukhathazayo noma isikhalazo sakho.
Izinguquko Kunqubomgomo Yethu Yobumfihlo
Kungenzeka sishintshe lesi saziso ngezikhathi ezithile futhi sizofaka leso esinemininingwane yakamuva kwi-internet. Uma senza izinguquko ezibalulekile Kunqubomgomo yethu Yobumfihlo, sizokwazisa ngalezi zinguquko ngendlela efanele.
Igcine ukubuyekezwa: Novemba 2024
Isengezo Senqubomgomo Yobumfihlo yase-Barbados
Lesi Sengezo Senqubomgomo Yobumfihlo yase-Barbados esabasebenzisi bezinsizakalo ze-TELUS Health abatholakala e-Barbados. Uma use-Barbados, kufanele ufunde kokubili Inqubomgomo Yobumfihlo ye-TELUS Health kanye nalesi Sengezo Senqubomgomo Yobumfihlo yase-Barbados ukuze uqonde amalungelo akho nalokho ongakhetha kukho.
Isisekelo Sokucubungula Okusemthethweni
Imithetho yokuvikela imininingwane yase-Barbados idinga ukuthi sicacise ngezizathu zethu noma izinhloso zokusebenzisa imininingwane yakho. I-TELUS Health icubungula imininingwane yabasebenzisi bezinsizakalo base-Barbados ngalezi zizathu:
- Imvume. Uma unikeze imvume yakho noma, esimweni semininingwane ebucayi, lapho unikeze imvume yakho ecacile, yokuqoqa kwethu imininingwane yakho;
- Ukusebenza kwenkontileka nawe. Uma sidinga ukwenza insizakalo oyifunayo noma oyivumile, ngokweMigomo Yokusebenzisa ovumelana nayo ngesikhathi wenza i-akhawunti ne-TELUS Health;
- Okuphathelene nomthetho. Uma sinesizathu esisemthethweni sebhizinisi noma sokuhweba sokusebenzisa imininingwane yakho, futhi izifiso zakho namalungelo akho ayisisekelo akuziphazamisi lezo zizathu. Senze izivivinyo zokulinganisa kukho konke ukucutshungulwa kwemininingwane esikwenzayo ngesisekelo sezintshisekelo zethu ezisemthethweni. Ungathola ulwazi nganoma yikuphi ukuhlolwa kwethu kokulinganisa ngokuxhumana nathi ngemininingwane ebekwe kamuva kulesi saziso; kanye/noma
- Isibopho sezomthetho. Uma sidinga ukuthobela isibopho somthetho noma sokulawula.
Ngaphambi kokuqoqa noma ukusebenzisa noma yiziphi izigaba ezikhethekile zemininingwane (okwaziwa njengemininingwane yabantu ebucayi Kunqubomgomo Yobumfihlo), sizosebenzisa leyo mininingwane kuphela:
- Ngemvume yakho ecacile;
- Ukuze kusungulwe, kwenziwe noma sikwazi ukuzivikela thina noma omunye ongaphandle kwizimangalo zomthetho; noma
- Uma kukhona ukukhululwa ngaphansi komthetho wendawo osivumela ukuthi sikusebenzise, njengokuhlobene nokucutshungulwa kwezigaba ezikhethekile zemininingwane ngezinhloso zomshwalense, noma ukunquma izinzuzo ngaphansi kohlelo lwempesheni yomsebenzi.
I-TELUS Health ingacubungula imininingwane yakho ngezinhloso eziningi, kuya ngesizathu noma izinhloso zokusebenzisa imininingwane yakho. Sicela uxhumane nathi uma udinga imininingwane mayelana nezizathu ezithile esithembele kuzo ukuze sicubungule imininingwane yakho.
Ukudluliswa Kwemininingwane Yomuntu Ngaphandle Kwase-Barbados
I-TELUS Health izoqinisekisa ukuthi kustshenziswa izivikelo ezifanele uma sidinga ukuthumela imininingwane yomuntu ngaphandle kwase-Barbados ukuze amazinga okuvikekela afane. Sicela uxhumane nathi uma ufuna ulwazi olwengeziwe mayelana nendlela esidlulisela futhi sivikele ngayo imininingwane yakho eya ngaphandle kwase-Barbados.
Imininingwane Yokuxhumana
Uma unemibuzo noma okukukhathazayo mayelana nale nqubomgomo noma ukuphathwa kwemininingwane yakho ngabakwa-TELUS Health, noma uma ufuna ukufaka isikhalazo, sicela ubhalele i-Privacy Officer yethu lapha:
Ngeposi: Privacy Officer
I-TELUS Health (Canada) Ltd.
25 York Street
Floor 30
I-Toronto, KU-M5J 2V5
Canada
Nge-email: privacyhealth@telus.com
Sicela uqaphele ukuthi kungenzeka sidinge ukuqinisekisa ubuwena, sicele imininingwane eyengeziwe futhi sisebenzisane neminye iminyango yakwa-TELUS Health ukuze ikuphendule noma ibheke okukukhathazayo noma isikhalazo sakho.
Izinguquko Kunqubomgomo Yethu Yobumfihlo
Kungenzeka sishintshe lesi saziso ngezikhathi ezithile futhi sizofaka leso esinemininingwane yakamuva kwi-internet. Uma senza izinguquko ezibalulekile Kunqubomgomo yethu Yobumfihlo, sizokwazisa ngalezi zinguquko ngendlela efanele.
Igcine ukubuyekezwa: Novemba 2024
Isengezo Senqubomgomo Yobumfihlo yaseNingizimu Afrika
Amalungelo Abanikazi Bemininingwane
Uma uhlala eNingizimu Afrika, unelungelo lokufaka isikhalazo kuziphathimandla, ngaphezu kwalezo ezibekwe kuNqubomgomo Yobumfihlo, kanti imininingwane yesiphathimandla ibhalwe ngezansi:
- I-email: POPIAComplaints@inforegulator.org.za
- Ikheli: JD House, 27 Stiemens Street, Braamfontein, Johannesburg, Gauteng, South Africa, 2017
Isengezo Senqubomgomo Yobumfihlo yase-Ukraine
Amalungelo Abanikazi Bemininingwane
- Ilungelo lokwazi ngemithombo yokuqoqwa kanye nendawo lapho kubekwa khona imininingwane yakho, inhloso yokucutshungulwa kwayo, indawo lapho kutholakala khona umlawuli noma ukunika amaqembu agunyaziwe amandla okuthola lolu lwazi;
- Ilungelo lokuthola ulwazi ngezizathu zokunikeza ngemininingwane yabo, ikakhulukazi ulwazi olumayelana nabantu bangaphandle okuzodluliselwa imininingwane yabo kubo:
- Ilungelo lokuthola ulwazi mayelana nokucutshungulwa kwemininingwane yabo nezimpendulo ngalokhu ezinsukwini zekhalenda ezingu-30.
- Ilungelo lokuvikela imininingwane yabo ekucutshungulweni ngokungemthetho nasekulahlekeni ngengozi, ekucekeleni phansi, ekulimaleni, nasekuhlinzekweni kweminingwane engelona iqiniso noma eyehlisa isithunzi somuntu nesebhizinisi;
- Ilungelo lesenzo sangasese;
- Ilungelo lokukhawula ukucutshungulwa kwemininingwane yakho;
- Ilungelo lokwaziswa ngohlelo lokucutshungulwa okuzenzakalelayo (uma lukhona); kanye
- Nelungelo lokuzivikela ekwenzeni izinqumo ezizenzakalelayo (uma zikhona) eziholela emiphumeleni ehlangene nezomthetho.
Igcine ukubuyekezwa: Novemba 2024