1. Singobani
iWebhusayithi okutholakala kuyo le Migomo Yokusebenzisa Iwebhusayithi ilawulwa yi-Work Angel Technology Limited (si-, thina noma okwethu). Inombolo yenkampani yethu ebhalisiwe ithi 08223675 kanti ikheli lethu elibhalisiwe lise-The Glassmill, 4th Floor, 1 Battersea Bridge Road, London SW11 3BZ.
2. Imigomo Yokusebenzisa iWebhusayithi
2.1 Lena Imigomo Yokusebenzisa le Webhusayithi www.workangel.com, www.wamapp.net (kanye nazo zonke izizinda zazo ezincane) (Iwebhusayithi). Sicela ufunde le migomo ngokucophelela ngaphambi kokuba uqale ukusebenzisa iWebhusayithi. Uma ungavumelani nale migomo yokusebenzisa, sicela uyeke ukusebenzisa iWebhusayithi. Ngokusebenzisa iWebhusayithi:
a) uyavuma ukuzibophezela kule Migomo Yokusebenzisa iWebhusayithi; kanye
b) nokungena esivumelwaneni esibophezelayo nathi ngokusekelwe kule Migomo Yokusebenzisa iWebhusayithi.
2.2 Lapho sisebenzisa khona amagama abhalwe ngosonhlamvukazi kule Migomo Yokusebenzisa iWebhusayithi angachazwanga, sicela ubheke izincazelo ezifaneleKwimigomo Yomsebenzisi.
2.3 Singayishintsha le Migomo Yokusebenzisa iWebhusayithi ngezikhathi ezithile. Uma uqhubeka nokusebenzisa iWebhusayithi ngemva kokuba noma yikuphi ukubuyekezwa okunjalo kuqalile ukusebenza, kuzothathwa ngokuthi uyavumelana neMigomo Yokusebenzisa Iwebhusayithi ebuyekeziwe.
2.4 Le Migomo Yokusebenzisa iWebhusayithi yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka-27 Agasti 2015.
3. Eminye imigomo esebenzayo
Ngaphezu kwale Migomo Yokusebenzisa iWebhusayithi, le migomo elandelayo eyengeziwe isebenza nasekusebenziseni kwakho kanye/noma abasebenzisi bakho iWebhusayithi yethu, i-App kanye Nezinsizakalo (futhi, lapho kufanele, ifakiwe ngezinkomba kule Migomo Yokusebenzisa iWebhusayithi):
a) Imigomo yethu Yomsebenzisi (okufanele uMsebenzisi ngamunye avume ukuyilandela futhi isebenza ekusetshenzisweni kweZinsizakalo zethu ngumsebenzisi ngamunye);
b) Imigomo yethu Yezinsizakalo noMqashi wakho;
c) Inqubomgomo yethu Yobumfihlo Namakhukhi;
d) Isivumelwano sethu Selayisensi Yomsebenzisi Wokugcina (esebenza ekusetshenzisweni kwe-App yethu); kanye
e) Nemigomo yethu Yosizo Nokulungiswa.
4. Ukufinyelela kwiWebhusayithi
4.1 Kungumsebenzi wakho ukuqinisekisa ukuthi uhlelo lwekhompyutha yakho lokusebenza luhlangabezana nazo zonke izidingo zobuchwepheshe ezifanele ukuze ukwazi ukungena futhi usebenzise iWebhusayithi futhi luhambisana nokusebenza kweWebhusayithi.
4.2 Asikwazi ukuqinisekisa ukusebenza okuqhubekayo, okungaphazamiseki noma okungenamaphutha kweWebhusayithi. Ukungena kwiWebhusayithi kuvunyelwe okwesikhashana futhi sinelungelo lokuhoxisa, ukuguqula noma ukumisa insizakalo esiyihlinzeka kwiWebhusayithi ngaphandle kwesaziso. Ngeke sibe nesibophezelo kuwe noma kunoma yimuphi umuntu wangaphandle nganoma yikuphi ukungatholakali, ukuguqulwa, ukumiswa noma ukuhoxiswa kweWebhusayithi, noma imiphi imisebenzi, izingxenye noma okuqukethwe kwiWebhusayithi nganoma yisiphi isikhathi nanganoma yibuphi ubude besikhathi.
4.3 Kungenzeka, ngezikhathi ezithile, sivimbe ukufinyelela kweminye imisebenzi, izingxenye noma okuqukethwe kwiWebhusayithi, noma iWebhusayithi yonke, kubasebenzisi ababhalise nathi. Sicela ubheke Imigomo Yomsebenzisi yethu ukuthola ulwazi olwengeziwe mayelana nendlela yokubhalisa i-akhawunti.
5. Ovumeleke ukukwenza
iWebhusayithi ungayisebenzisa kuphela ezintweni ezingaphathele nezohwebo futhi kuphela ngokuvumelana nale migomo nemibandela. Ungabuyisa futhi uveze okuqukethwe kwiWebhusayithi esibukweni sekhompyutha, ushicilele futhi ukopishe amakhasi ngamanye, futhi, ngokuya ngesigaba esilandelayo, ugcine la makhasi kwikhompyutha. Imigomo eyengeziwe ingasebenza nakweminye imisebenzi, izingxenye noma okuqukethwe kwiWebhusayithi futhi, lapho kufanele, izovezwa ngaphambi kokuba ufinyelele kuleyo misebenzi, izingxenye noma okuqukethwe.
6. Ongavumelekile ukukwenza
6.1 Ngaphandle uma kuchazwe ngokucacile kule migomo nemibandela, awuvunyelwe ukwenza lokhu:
a) ukugcina amakhasi eWebhusayithi kwi-server noma kwenye idivayisi yokugcina izinto exhunywe kubuxakaxaka noma wenze isizindalwazi kwikhompyutha ngokugcina wonke amakhasi eWebhusayithi ngokuhlelekile;
b) ukususa noma ushintshe noma yikuphi okuqukethwe kwiWebhusayithi noma uzame ukugwema ezokuphepha noma uphazamise ukusebenza kahle kweWebhusayithi noma ama-server ephethwe kuwo;
c) ukusebenzisa iWebhusayithi ukuthumela, noma ukuthola umuntu ozothumela, noma yiziphi izikhangiso ezingacelwanga noma ezingagunyaziwe noma olunye uhlobo lokucela okufanayo (imiyalezo engacelwanga);
d) ukusebenzisa iWebhusayithi ukuthumela ngokwazi noma yiluphi ulwazi, ukuthumela noma ukufaka izinto ezinama-virus, ama-trojan horse, ama-worms, ama-time-bomb, ama-keystroke logger, i-spyware, i-adware noma yiziphi ezinye izinhlelo eziyingozi noma ikhodi yekhompyutha efanayo eyenzelwe ukuthikamezai ukusebenza kwanoma iyiphi i-software yekhompyutha noma ikhompyutha uqobo lwayo;
e) ukuzama ukungena kwiWebhusayithi, i-server lapho iWebhusayithi igcinwe khona nanoma iyiphi i-server, ikhompyutha noma isizindalwazi esixhunywe kwiWebhusayithi yethu ungagunyaziwe.
f) ukuzama ukucekela phansi iWebhusayithi ukuze yona kanye/noma ubuxakaxaka esebenza ngabo kungafinyeleli kubasebenzisi;
g) ukukhiqiza kabusha, ukukopisha noma ukuthengisa kabusha noma iyiphi ingxenye yeWebhusayithi ngaphandle kwemvume yethu noma ngokuphambene nale migomo nemibandela; noma
h) ukwenza izixhumanisi zeWebhusayithi ezisuka kunoma iyiphi enye iwebhusayithi, ngaphandle kwemvume yethu ebhaliwe ngaphambilini.
7. Amalungelo obunikazi bempahla
7.1 Singumnikazi noma umnikazi welayisensi wawo wonke amalungelo obunikazi bempahla kunoma yini equkethwe kwiWebhusayithi (kuhlanganisa imibhalo, izithombe ezakhiwe, i-software, izithombe ezishuthiwe nezinye, amavidiyo, umsindo, izimpawu zokuhweba nezimpawu zambhizinisi).
7.2 Ngaphandle uma kuchazwe ngokucacile lapha, akukho lutho kule migomo nemibandela olukunika noma yimaphi amalungelo mayelana nanoma ibuphi ubunikazi bempahla yethu noma yabahlinzeki bamalayisensi bethu futhi uyavuma ukuthi awutholi malungelo obunikazi ngokuzigcinela okuqukethwe kwiWebhusayithi.
7.3 Akufanele ushintshe amakhophi ephepha noma akwikhompyutha anoma yiluphi ulwazi olushicilele noma olugcine nganoma iyiphi indlela, futhi akufanele usebenzise noma yimiphi imifanekiso, izithombe, amavidiyo noma imisindo nanoma yimiphi imidwebo ngaphandle kwanoma yimuphi umbhalo ohambisana nayo. Uma kwenzeka ushicilela, ukopisha noma ugcina amakhasi asuka kwiWebhusayithi (kuphela ngendlela evunyelwe kule migomo nemibandela), kufanele uqinisekise ukuthi izaziso zanoma yiliphi ilungelo elinikezwa umbhali, uphawu lokuhweba noma amalungelo obunikazi bempahla eziqukethwe kulwazi oluqanjiwe nazo ziyavela.
7.4 Iqhaza lethu (kanye nelanoma yibaphi abanye abafake isandla abaziwayo) njengababhali bezinto ezikwiWebhusayithi yethu kufanele laziswe ngaso sonke isikhathi futhi akufanele usebenzise noma iyiphi ingxenye yezinto ezikwiWebhusayithi yakho ngezinhloso zokuhweba ngaphandle kokuthola ilayisensi yokwenza njalo kithi noma kubahlinzeki bethu bamalayisensi.
7.5 Uma ushicilela, ukopisha noma ugcina noma iyiphi ingxenye yeWebhusayithi ngokwephula le migomo yokusebenzisa, ilungelo lakho lokusebenzisa iWebhusayithi lizophela ngokushesha futhi kufanele, ngokukhetha kwethu, ubuyisele noma umoshe noma yimaphi amakhophi ezinto ozenzile.
8. Okuqukethwe
8.1 Singashintsha ukubukeka kweWebhusayithi nokuqukethwe kuyo ngezikhathi ezithile. Uyavuma ukuthi iWebhusayithi uzoyisebenzisa 'njengoba injalo' futhii 'njengoba itholakala' futhi bonke ubungozi bungumthwalo wakho.
8.2 Nakuba sizama ukuqinisekisa ukuthi lonke ulwazi oluqukethwe kwiWebhusayithi (ngaphandle kwalokho okwenziwe ngabasebenzisi) luyiqiniso, aluhloselwe ukuba wumthetho noma iseluleko okufanele kuthenjelwe kuso. Kufanele uthintane nathi noma umthombo wolwazi ofanele ngaphambi kokuba uthathe isinyathelo nganoma yiluphi ulwazi olunjalo.
8.3 Asikwazi ukuqinisekisa ukuthi noma yikuphi okuqukethwe kwiWebhusayithi ngeke kube namagciwane kanye/noma enye ikhodi engaba nezinto ezingcolisayo noma ezimoshayo. Kungumsebenzi wakho ukusebenzisa izindlela zokuphepha ze-IT ezifanele (kuhlanganisa ukuhlolwa kwe-anti-virus kanye nokunye ukuphepha) ukuze uhlangabezane ngezidingo zakho ezithile mayelana nokuphepha nokuthembeka kokuqukethwe.
9. Ukuthengiselana okwenziwe ngeWebhusayithi
Noma yikuphi ukuthengiselana okwenza ngewebhusayithi kungaphansi kweMigomo yethu Yomsebenzisi.
10. Ukuvikelwa Kwemininingwane kanye nobumfihlo
Ukusetshenziswa kwemininingwane yakho ethunyelwe ngeWebhusayithi kulawulwaInqubomgomo yethu Yobumfihlo Namakhukhi.
11. Okuvamile
11.1 Ukuze uthole eminye imininingwane ephathelene nemigomo yokusebenzisa kwakho iWebhusayithi sicela ubheke Imigomo Yomsebenzisi yethu futhi ikakhulukazi izihlokwana ezilandelayo zaleyo migomo:
a) Ukubhalisa i-akhawunti;
b) Izitolo;
c) Ukubuyiselwa imali;
d) Ukuphanyeka Ulwazi;
e) Izixhumanisi Zangaphandle;
f) Ukutholakala nokusebenza kweZinsizakalo, iWebhusayithi kanye ne-App;
g) Amalungelo Obunikazi Bempahla;
h) Ukubophezeleka kwethu; kanye
i) Nokuvala i-akhawunti yakho.
12. Umthetho Olawulayo
Le Migomo Nemibandela yeWebhusayithi kanye neminye imigomo yethu efakwe ngezinkomba izobuswa ngumthetho waseNgilandi futhi uyavuma ukuthi noma yikuphi ukungaboni ngaso linye phakathi kwethu mayelana nale Migomo Nemibandela yeWebhusayithi kuzolawulwa yizinkantolo zaseNgilandi.
13. Ukuxhumana nathi
Sicela uthumele noma yimiphi imibuzo onayo mayelana nale Migomo Nemibandela yeWebhusayithi noma nanoma yiziphi izinkinga eziphathelene neWebhusayithi nokusetshenziswa kwayo kithi ngezindlela ezilandelayo:
- ngewebhusayithi ethi http://workangel.com/contact/
- nge-imeyili ku-support@workangel.com
- ngeposi ku-Work Angel Technology Limited, The Glassmill, 4th Floor, 1 Battersea Bridge Road, London SW11 3BZ.